Umuzi kababa - Part 1

Umuzi kababa - Part 1

Yindawo yasemakhaya lena isintu sisabanjiwe, uma kuhambe umnumzane wekhaya kuyahlonishwa namakhosikazi omnumzane azile. Ubaba ebeganiwe enesithembu enamakhosikazi amathathu, omncane usemusha impela sicishe sibe ngontanga, muhle ubumbekile impela yena. Ukundlula kukababa emhlabeni kwaletha umunyu, ikakhulukazi uma ngibuka umama omncane njengoba esengumfelokazi esemncane kangaka.

Umuzi kababa - Part 1


Bagqokiswa inzilo umama nomama ophakathi, kwathi lona omncane wabonisana umndeni ukuthi kuhle angayigqokiswa ngoba usemncane kungenzeka ehluleke ukuzibamba kwazise usemncane. Nembala zahamba izinyanga nami sengibuyele emsebenzini sesiqala nokwejwayeleka nesimo sokwendlula kukababa emhlabeni. Ubuhlonishwa umuzi kababa kubonakala ukuthi ngumuzi womnumzane, nathi kwafuneka sigcine isithunzi sawo.


Into eyayingikhathaza emqondweni wami wukubona umama omncane of njalo nje ngase ngingenwe ukumthanda. Yangihlupha lento engqondweni yami kuthi noma ngizama ukuyendlulisa kodwa kube nzima. Muhle lo sisi bo, enjalo ubunjwe kahle ngesineke ungafunga ukuthi akayi ngasese. Ekugcineni ngasithatha isinqumo sokuthi nakanjani kuzomele ngimbhebhe umfazi kababa, engangingakwazi wukuthi ngangizoyiqala kanjani le ndaba kuye, kodwa ngathi nje icebo seliyozakha.

Umuzi kababa - Part 1


Zahamba izinyanga ngahlaba ikhefu emsebenzini ngaphikelela ekhaya, angithi phela nasekhaya bengingakathathi, kuphela nje nginengoduso. Ngafika ekhaya njengenjwayelo, cha kusaphilwa nasekhaya ngendlula ngake ngayovelela ingoduso yami okwezinsukwana ngaphinde ngabuya. Zahamba izinsuku, ngamcela umama omncane ukuthi sike siye ngasedolobheni siyothenga okuthile okuyizidingo zekhaya, angithi phela nguye ongazange agqoke komama kanti nodadewethu basematohweni, nembala salungisa saphuma sashona khona edolobheni.

Kulapho ke ngazimisela ukuthi lithi lishone ebe esazi kahle ukuthi ngicabangani futhi ngizizwa kanjani. Ekufikeni kwethu edolobheni saqala endaweni ethengisa ukudla okuphekiweyo, sake sahlala etafuleni sathiba umphangazana. Sihleli

Thumela amazwana

0 Amazwana